You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
Uthando Lwegazi - Ch10
11 years ago | 9947 Views
"Thoe cthandwa sami sengiyahamba manje,namuhla ngingena ebusuku."kuvalelisa uMelusi kumkakhe."Kulungile baba manje isikhafuthini ke?"
Cha mawezingane ungakhathazeki ngomphako ngibona phambili."
"Hhayi kulungile ke baba usebenze kahle."NguThobile evalelisa umyeni wakhe.Kwasekuyikhathi eside ehambile uMelusi emsebenzini noThobile espheke wadla selungiselela ukulala.Wezwa ukungqongqoza emnyango."Ubani loyo?"kubuza uThobile."UMenzelwa umngane kaMelusi mama"Kuphendula indoda emnyango."UMelusi akekho usemsebebenzini,ungene ebusuku namuhla."
"Ngyazi mama ngisebenza naye.Uthe angadlula lana ngishiye iphasela yakhe."
"Kulungile ke nginikeze imizuzwana emibili nje,"NguThobile loyo ngezwi lakhe elithobekile.Wanokungabaza enhliziyweni kodwa wakushaya indiva lokho kwazise elokufa alikutsheli.Ungakhuza umzwangedwa wenqabe.Ungabaza nje uzibza ukuthi kungani uMelusi ethumela abantu ebusuku kanti futhi kazange ayithi vu eyokuthi uzothuma umuntu.Pho njengoba umyeni wakhe kulezizinsuku engeqondakali ukuthi unhloboni kapende kungenzeka ulibele.
Uthe nje evula isigcaba wabona amadoda amabili emi egqoke amajazi amnyama,esamangazwe yilokho wezwa"Ssssssssh,asambe."
"Aw bantu benkosi siyaphi manje?"
"Ngithethula wena demede,ungake ulinge uvule lomlonyana wakho uyezwa.Kunjalo uzobona okhokho bakho manje okanye uvele sewufuna ukuba idlozi" Kukhwaza enye yamadoda abesemnyango.Isho ikhipha isibhamu ibamba uThobile ngesandla,bephuma naye ngesango beqonda emotweni eyayimi lapho ngaphandle."Ngena" efuqelwa phakathi."Awu ningisaphi bandla,ngenzeni pho nkosiyami.Mayee ngabantabam......"
"Voetseki wena scefe" Kusho enye yalamadoda ishaya uThobile ngesidunu sesibhamu ekhanda.
Wathula uThobile kungekho ayengakwenza phela laselimshonele.Kwasekusobala ukuthi elakusasa ngeke esalibona.Umcabango wezingane zakhe wamenza wasemfuleni wezinyembezi.Kwangathi Thobile ndini wazalelwa izinsizi,nokudla izinyembezi uphuze ukuhlukunyezwa.Inkozo nenjabulo kube inzwabethi.+mbili izingane zakhe noMelusi zazihlala ekhaya nogogo ngoba uMelusi noThobile bakubona kungelona isu elihle ukuthi izingane zihlale nabo eGoli ngoba kuyindawo yomsebenzi.UThobile sonke lesikhathi ubehlala nazo ekhaya,wasethi naye akazofuna amatoho nabaningi.Bekungakamhlanganeli kahle okaMzilankatha ngoba akakasebenzi okuqondile.Usathola nje itoho asebenze zibembili noma zibentathu izinyanga.Njengoba ithemba lingabulali wayesanalo ithemba lokuthi ngelinye ilanga uzowuthola umsebenzi.Kuyimanje nje ayashabalala amaphupho kuyashintsha ukudla epletini.Oh lomhlaba esiphila kuwo,umhlaba wesono usivezela ameva.Ushabalalisa izifiso zethu,usiphuce abathandwa bethu.Injabulo yethu incane kulomhlaba okukhulu wusizi nezinhlupheko kazisonani.....................Ucabanga ukuthi kwenzekani kuThobile???

2
Tags: UTHANDO,LWEGAZI
Comments
What iBlog
-
Thorny Tap - (Short Story)
Posted: 2013 June 16 | 13767 Views -
Uthando Lwegazi Ch14
Posted: 2013 June 16 | 10407 Views -
Uthando Lwegazi Ch13
Posted: 2013 June 16 | 8437 Views -
Uthando Lwegazi Ch12
Posted: 2013 June 10 | 34315 Views -
Uthando Lwegazi Ch11
Posted: 2013 June 10 | 7364 Views -
Follow Your Heart
Posted: 2013 June 09 | 4828 Views -
Uthando Lwegazi - Ch10
Posted: 2013 June 09 | 9947 Views -
Uthando Lwegazi - Ch9
Posted: 2013 June 09 | 6403 Views -
Uthando Lwegazi - Ch8
Posted: 2013 June 09 | 13537 Views -
Uthando Lwegazi - Ch7
Posted: 2013 June 09 | 8922 Views -
Uthando Lwegazi - Ch6
Posted: 2013 June 09 | 11075 Views -
HEE! NTOMBIYAMI
Posted: 2013 June 09 | 8225 Views -
Uthando Lwegazi - Ch5
Posted: 2013 June 06 | 20608 Views -
Uthando Lwegazi - Ch4
Posted: 2013 June 06 | 11929 Views -
Iphutha Lami
Posted: 2013 June 06 | 6632 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch3
Posted: 2013 June 06 | 17311 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch2
Posted: 2013 June 06 | 9455 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch1
Posted: 2013 June 06 | 7828 Views
Categories