Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Uthando Lwegazi - Ch7

11 years ago | 8418 Views

Kwasa angazange abuthi quthu ubuthongo uMelusi ngenxayemicabango.Yayi xubene ekhanda okwaxhakela esivande.Ebasathe uhlanganisa lokhu nalokhuya lutho ukuhlangana waze wanquma ukuthi avuke ahlale ngoba nje nalezizingubo ungathi zimbangela isidina.Wamangala uThobile ukuthi umyeni wakhe ngasengenwe yini.Wasebuza wathi "Aw baba,yini inkinga,udliwa yini bandla?"

"Wena Thobile sewungu ma wami manje wena heee!Kukangaki ngikutshela ngithi bheka indaba zakho ungiyeke phansi mina." kubhavuma ewuMelusi ngolaka.Athi uThoe "Cha baba,ngiyazi ukuthi angiyena unyoko,kodwa ngingunina wezingane zakho.Ingabe ngonephi mangibuza ngokunga phatheki kahle kwakho.?"

"Ubuza ngoba ungazi noma uphethwe ukusa nje wena.Lalela la ukusuka namuhla ungakuphinde ungibuze ngiyaphi,ngibuyaphi noma ngiphethwe yini ungizwa mfazi ndini?"Waliphamisa izwi uMelusi.Wavele wabona kungcono ukuthi azidlele ushutup uThobile phela kwakubonwa nayimpumputhe ukuthi na engasethi uyavula owakhe umlomo engahlangana nenkunzimalanga yempama ivakashela ebusweni bakhe.

Kwakunzima kuThobile nakhu phela indoda yakhe isivuke umbhejazana.Isimthathisa okwenapukeni.Akaseyinto yalutho.Waka wahlala phansi uThobile enganakwenza lutho zehla izinyembezi.Lapho ecabanga indoda yakhe lesiphenduke injebomvu.Yajika yayibhubesi kanyi beyiyimvu.Acabange aze aphimisele uThobile athi "kungabe mhlampe kukhona la engona khona.Awu Jehova sebawothi kodwa akasho ngani pho.Awemame minakababa ingabe ngamenzani uMelusi." Maqede washaya esikaNandi isililo uThobile.Waze wethuswa ukungqongqoza emnyango kwazise uMelusi kwasekukade adliwa umnyama."Makhi,makhi ingabe konke kuhamba kahle yini." Ngowesifazane osemnyango loyo.

Wasukuma wazesula izinyembezi uThobile waseyavula isigcabha."Aw makhi unjani?" kubingelela uThobile eziqinisa."Ngiphilile mfazi,unjani wena?" NguMaKhumalo umakhelwane wakaThobile no Melusi loyo engena.Amkhombe isihlalo uThobile.Ahlale okaMtungwa athi ma sekahleli athi"Thobile akungitshele mtakaNcube udliwa yini?" Amamatheke uThobile athe athi "Aw makhi lutho bandla.ukubabekukho okubi bengizokutshela."

"Thobile angiyona ingane,umakade bona nje mina musa ukungenza isithutha esathuthela la esathutha khona.Kudala ngikwazi nje awusenguye uThoe engimaziyo.Sewuhlala ubiphile,unciphile nasemzimbeni ungathi udliwa lidlozi.Cha mhlampe ngigxangukela kwezingafuni mina kodwa awukwazi ukufihla izimpondo esakeni.Ngitshele ntombi mhlampe ngingelekela." washo okaKhumalo ebamba uthobile amahlombe,embuka ngqo emehlweni.Wathi ethi uyaphendula okaMzilankatha zavele zawumfula izinyembezi zampompoza."Aw nkosiyami Thoe hlisa umoya ukhulume ntombi"Washo emupha ingilazi yamanzi yize kwakusekuseni.Emva kokuphuza amanzi uThobile wathi "Mina angisazi ngenzeni,cha makhi angisazi mgempela."

"Khuluma sisi ungesabi."NguMaKhumalo loyo.................

by Nxayezwe Wayne Ndlovu
0 Nxayezwe
Tags: UTHANDO,LWEGAZI

Comments

Comment as Anonymous Submit
Invite
What iBlog