Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Uthando Lwegazi Ch13

11 years ago | 8393 Views

Waqeda ukudla okaKhumalo maqede wayobeka umhlubulko phansi.Wanela wangena ezingubeni walala obokufa.Wethuswa yizwi lomemeza phandle.Wathuka wavuka wahlikihla amehlo waqonda lapho abizwa khona.Wathola uMelusi emibabingelelana.Wasebuza umaKhumalo."Engabe sekabuyile yini uThobile makhi?" Washo elula umnqala ekoba kwaMelusi endlini ngethemba lokuthi uzobona uThobile kodwa lutho.Wazibonela umnyango uvulekile."Cha makhi akekho.Angimboni uThobile.Manje angisazi ngimfne kuphi kwazise okhulile kafunwa njengengane."Usho ekhombnisa ukukhathezeka uMelusi emoyeni nasemphefumulweni."Aw nkosiyami ingabe uyephi Thobile ndini" kusho uMaKhumalo.Abuye aqhube athi"Sewuke washayela ekhaya yini wabuza ukuithi akafikanga.?"

"Ngifonile makhi kodwa nabo bayalandula.Ngike ngashayela nalomzala wakhe oseSoweto naye uthi selokhu wamgcina kunyanga edlule.Ngilana ngimadolonzima angisazi." washo ekhothamisa ikhanda uMelusi kubonakala sengathi ukhathazekile ngomkakhe.

KumaKhumalo angisasho wayesesemfuleni wezinyembezi."Ooh my God kambe Thoe ukuphi pho.Aw bantu benkosi pho uthi akasesuselwe amanqe.?" ngalenkathi wayesethwele imikhono ekhanda okaMtungwa,elokhu egidaginga ndawonye wena okewabona isayoni singena emoyeni ungachaza kangcono."Thula makhi lisekhona ithemba mhlampe kukhona lapho ayek....."
"Angayaphi uThobile uma engekho kubo.Angayaphi ngitshele." NgumaMbulasi loyo enquma uMelusi umlomo sekuthi kamudle ephila ngolaka.Phela wayegane unwabu,waqoma ixoxo,wanga inyoka.Nemamba egxotshwe umsila yayingeke ilibone elidlalayo."Angazi sengiyasho nje.i think kuzomele ngifonele amaphoyisa lena ayisengangami." Washo ekhipha umakhalekhukhwini wakhe wacofacofa u10111 ebika ukunyamalala kukaThobile.Akakhuthanga mizuzu emingaki zashosezifikile ezikasidlodlo.Zabafuqa ngenqaba yemibuzo omunye elokho ebhalabhala egwadlwaneni olunyama ayeluphethe esandleni.Baqala ngokupheka yena belu uMelusi.Wala ngokuthi naye akazi ngoba ushiye inkosikazi yakhe endlini ma eya emsebenzini.Wamthola engekho..................pliz like my Facebook page n share w ur frnds.

by Nxayezwe Wayne Ndlovu
by Nxayezwe Wayne Ndlovu
1 Nxayezwe
Tags: Uthando,Lwegazi

Comments

Comment as Anonymous Submit
Invite
What iBlog