Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Iphutha Lami

11 years ago | 6596 Views

Ngenz'iphutha ngakwethemba.
Themba lami kanti ngizigwaza owami.
Namuhla ngikhala ezimathonsi.
Tholakele yeka ukukwethemba kwami.

Ngakunik'uthando lwami lonke.
Ngakunik'inhliziyo yami yonke.
Ngabeka ithemba lami lonke kuwe.
Kodwa wangilaxaza kuhle kwekhovula.

Ngidel'abangane ngenxa yakho.
Ngadel'izintomb'ebenginazo ngenxayakho.
Ngadela abazali abami ngenxayakho.
Angisasho abafowethu abanomoma ngenxayakho.
Kanti ngenza iphutha.

Ngaphapha ngekade.
Iphutha lami ukwethemba umuntu.
Ukwethemba umuntu iphutha lami.

Bekumndi sisobabili.
Lapho ungibiza ngamagama amnandi.
Oju,onhliziyo mnandi.
Uthi ngiyisathandwa sakho.
Uthi ulubambo lwami.
Ithambo lamathambo ami.

Uthi ngohlal'enhliziyweni yakho.
Kanti ungibambisa udonga.
Ngyalivuma iphutha lami.
Iphutha lami ukwethemba umuntu.
Ukwethemba umuntu iphutha lami.

Imbongi: Qhubekani Charles Ndlovu.
0 Nxayezwe
Tags: Iphutha,Lami,Qhubekani

Comments

Comment as Anonymous Submit
Invite
What iBlog