Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Uthando Lwegazi - Ch5

11 years ago | 20554 Views

"Thembeka,Thembeka my love uthando lwehlula umkhulu benogogo,ubaba nomama nabo behluleka.Awaziyini ukuthi athando alunamaneja,alunadokotela.Ayifihleki lento ibonwa ngisho impukani imbala.Pho wena ucabanga ukuthi umyeni wakho akazi ukubona ukuthi kukhona okunukasantungwana lana.Yeyi ungadlali ngokufa wena mani. "washo ephakama uMelusi noma wazama ukumhlalisa uThembaka akasathandanga ukuthatha amachance. Wabamba ezakwakhe waziqabula wathi "Usale kahle mabebeza". Wasala elipali uThembeka kubonakala ngokusobala ukuthi keneme udangele. Ngemva kwemizuzwana wasuka waqonda embhedeni wafika wawulungisa kahle ukuze kungabonakali ukuthi bekulele abantu.Kuthe angaqeda wasethatha ispray wafutha ngaso kwanuka kamnandi endlini. wathandela ithawela elincane eliveza amathanga wathatha amafutha okugcoba wamaphambi kwesibuko.Esaqala ukugcoba wezwa "Kho-kho-kho" kwabe sekunguMncedisi umyeni kaThembeka engena endlini. "Ngisekamelweni ngyagcoba sweetheart" kuphendula uThembeka ngezwana lakhe elingathi uyacula. "Aw singqazu ukube ngithole ugeza ngavele ngakugezisa umqolo"

"Awu nawephela ummh" nguThembeka eshalaza. Wathi ukukoba kancane uMncedisi yeyi wabona sengathi kakaze ambone umkakhe. Wawungafunga uthi uyaqala ukumbona.Waqalaza uThembeka wabona umyeni wakhe embukisa okukamangobe ebuka igundane. "Kodwa Mncedisi wangibuka kanjena nje yini bandla?"

"Awu nunuza kulicala yini ukubuka unkosikazi wami"Wathi lothu kungasahlaleki kusofa uMncedisi evula izandla ukuthi ayekwanga isilanqavu sakhe asibukele eduze."Aha suka lapha Mncedisi uyaqal ukungibona namuhla." washo egonqula amehlo la azindingilizi uThembeka wena owake wabonana unodoli okhangisa izingubo ezitolo ezinkulu ungafakaza kangcono.Lapho wehluleka nokuzibamba uMncedisi. "Kahle ngikugcobise mama." washo ethatha amafutha eqola ukugcobisa owakwakhe uMncedisi. Wamgcobisa kamnandi izandla zisehla zisenyuka nalomzimba obushelelezi ungathi ngowengane.Lokho kwenza uThembeka atwuthambise umzimba wakhe.Wathi ethi manqa uMncedisi wavala umlolo uThembeka wamfuqa wathi"Hhayi manje Mncedisi ngikhathele"

"Come on babes one kuphela" yasho enguMncedisi sekunzima ukuzibamba imizwa isifuna okwayo. "Noooo mani Mncedisi ngithe ngikhathele yini inkinga yakho?"
"Awu sthandwa sami bewusendini imini yonke kanti futhi awusebenzi manje ukhathazwe yini" Wabuza ngokumangala uMncedisi."Akufuni wena ukuthi ngikhathaliswe yini.Ucabanga ukuthi lendlu izihlanzile kahle bo. Wena nje hlukana nami. " Washo eqala ukugqoka uThembeka.Wakubona obala uMnce ukuthi ngeke lisacatshwa lelithambo elindlela eseza ngayo.Waphuma waqonda kusofa wafika wazilahlela kuwo uMncedisi kwangathi yiwo owawudale ukuthi angalishumayeli ivangeli lababili elifuna umfundisi nomfundisikazi kuphela hhayi ibandla lilonke.................
2 Nxayezwe
Tags: Uthando,Lwegazi

Comments

Comment as Anonymous Submit
Anonymous user 11 years
Eish! Madoda!
Anonymous user 9 years
Wat happen next, did he found out dat thembeka iz cheating?
Invite
What iBlog