Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

UTHANDO LWEGAZI - Ch1

11 years ago | 7779 Views

Kwasalimathumb'entaka,kuzwakala ukuheleza komoya owawuqhamuka eningizimu.Okwakusenza uzizwe,unomundla wokuha nje noma ikhilomitha libelinye ujike ungakhathanga,ngenxayokuphola kwezulu,okwakungenjwayelekanga ngenyanga kaNhlolanja ilanga lakhona wawungafunga uthi lihlose ukukhipha umphefumulo.

Kulaphoke avukakhona uMelusi wageza wasegqoka isudu lakhe elimnyama owayelithengelwe umlungu wakhe phesheya kwezilwadle.Kuthe masekaqedile ayekwanza waseyavalelisa kunkosikazi wakhe wathi "sengiyahamba mama".Aphendule ngokumangala uThobile "Awu ekuseni kanje uyaphi?"

"Thobile uqale nini ukuba umqaphi wami hii?,ukuthi ngiyaphi akudokwe ligayelwe wena lelo mfazi,uyangizwa?"

Washo lamazwi uMelusi ebophe uboso,wasonga izinhlonzi kwangathi angasamudle amqede uThobile."Cha,baba ngyaxolisa umangenze iphutha,bengibuza nje hhayi kabi.

"Washo evuka embhedeni ehlala phezu kwawo uThobile."Uthi bewubuza nje,sekukangaki ngikutshela ukuthi angibuzwa ngumfazi mina,ukuthi ngiyaphi? Umthetho wakho awuzwa wena.Ufuze unyoko ngoba udonsa uyihlo ngekhala,kimi ungalinge uyenze leyonto,nx! Isilima lesi.

" washo ephuma emnyango uMelusi eshiya inkosikazi yakhe iwulwandle ngezinyembezi.Lunjalo phela uthando kwesinye isikhathi luyaphela kubesengathi ngamanga ukuthi nakenahlanyisana.Ubuthongo bungehli ma loyo othandana naye ungambonanga............................... by Nxayezwe Wayne Ndlovu
1 Nxayezwe
Tags: UTHANDO,LWEGAZI

Comments

Comment as Anonymous Submit
Invite
What iBlog