Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

UTHANDO LWEGAZI - Ch2

11 years ago | 9401 Views

Kwasekuyimvama ukuthi uMelusi ahambe abuye ebusuku.Angafuni ukubuzwa ukuthi ubekuphi.yayimkhathaza uThobile lento kungekho ayengakwenza.Wahlala ke uThoe walinda ukuthi iqanda lichamisele ukuze abone liquketheni ngaphakathi.

Uthe engasuka endlini yakhe uMelusi waqonda erenkini yamatekisi engaseLesedi njengoba ehlala eBasuthwini ngaseVosloorus.IVosloo yilokishi elisempumarand eGoli.Wathi nje efika ematekisini wakhipha umakhala ekhukhwini wakhe waqofoza izinombolo ezaziwa wuye kuphela.Walubamba okwesikheshana ethuli wezwakala esethi "hello baby,kunjani?" emoyizela kubonakala ukuthi weneme ngempela."Kulungile ngizofika lapho manje" kuqhuba yena uMelusi.Wathi eluvala ucingo wagibela imoto encane abayibiza ngephela kwelaseVosloo eyi(local) yayomlahla eChis Hani Crossing.IChris Hani Crossing le yimall engaseMhlangeni eVosloorus.

Ekwehleni kwakhe wawela umgaqo waqonda kwamanye amatekisi aya eKathlegong.Wehla eHlahatsi wathi ukuhamba ibanga elincane wasengena emuzini onendlu enkulu eyayikhombisa ukuthi kulelokhaya kuphila abantu abandla izambane likapondo.Wafika wema umnyango wazilungisa uMelusi ngambikokuba angqongqoze.Kwezwakala izwi elincane lowesimame lithi"Wubani"

"Yimi babes,hawu awusayazi iknock yami" kubuza yena belu uMelusi."Awu love,bengingazi ukuthi sewufikile" Kusho lentokazi ivulela uMelusi isigcabha maqede yamanga yasisithi"Kunjani baba?"

"Ngyaphila babes,unjani wena?"

"I am fine lollipop" kusho lentokazi idonsa uMelusi ngesandla iqonda naye ekamelweni lokudlela.Yafika yamhlalisa kusofa omkhulu,yamkhumula ibhantshi nezicathulo yathi "Ufunani baba,ijuice noma mina?"........................ by Nxayezwe Wayne Ndlovu
2 Nxayezwe
Tags: UTHANDO,LWEGAZI

Comments

Comment as Anonymous Submit
Anonymous user 11 years
nkosiyami ngivele ngabona akukho kodwa ukuhwabha kukuMelusi....soyicela isivuthiwe
Invite
What iBlog