Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Uthando Lwegazi Ch14

11 years ago | 10357 Views

Libuze iphoyisa"Wena ucabanga ukuthi uyephi?"

"Ukubabengazi ukuthi uyephi bengingeke ngilibize"kuphendula uMelusi ebuyisa izinhlonzi ebusweni. "Wendoda sifuna ukukusiza uthole unkosikazi wakho.Zama ukusebenzisana nathi. " kusho elinye iphoyisa libhekise kuMelusi owayekhombisa ukudelela.Ngalenkathi uMaKhumalo wasuka waqonda endlini kwazise wesaba ukuthi wogcina ephendula kungabuzwa yena.Liqhubebe elakuqala

"Uyaqala ukunyamalala unkosikazi wakho noma yinsakavukela.?"

"Uyaqala ngqa,akakaze anyamalale ngaphambilini angazi ukuthi lomfazi kahle hle ungenwe yini."

"Wena nomfazi wakho nike naxabana ngalolosuku noma emalangeni adlule?" Kubuza iphoyisa lesibili. "Cha asikaze sixabane.Sihlezi ngothando nentokozo,siphethene ngezandla ezifudumeleyo. Akasweli lutho yingakho ngikhathazeke kangaka ngaye." Kuqhuba uMelusi.Libuze iphoyisa lokuqala "Akanazo izihlobo lapha eGoli?"

"Unazo kodwa zonke ziyzmlandula. " elesibili lithi "Abangane ke?"

"Munye nje vo umngane engimaziyo nguye lo elithole nginaye."

"Kulungile baba ithi sikhulume naye umakhi wakho mhlkawumbe singathola umkhondo wokuthi uyephi umkakho." Asho evalelisa amaphoyisa eyangena kwaMaKhumalo. "Gogogo" kungqongqoza iphoyisa. "Ngena"kusho okaMtungwa. Angene amaphoyisa.Awakhombe izitulo.Bahlale bazethule kuye "Uxolo nkosazana kukho imibuzo esifuna ukukubuza yona ngokunyamalala kukaThobile."

"Kulungile bafowethu,kodwa mina nginaphi ekunyamalaleni kwakhe?" kubuza uMaKhumalo."Njengoba usishiye nomyeni kaThobile, usitshele ukuthi wena noThobile ningamathe nolimi,ngakho sifuna ukwazi ukuthi kazange ayi vo yini indaba yokuthi ufuna ukuhamba ashiye umuzi wakhe. " Liphoyisa lakuqala liqondise kuMaKhumalo. "Cha ngisho nangelilodwa vo.UThobile uyawuthanda umuzi wakhe."

"Unaso yini isiqiniseko sokuthi uyawuthanda umuzi wakhe?"

"Yebo, uhlezi njalo ethi uma engasebenza kahle uzimisele ukuqhelisa indlu yabo."

"Wena njengomngane wakhe umbona ejabule yini yena nomyeni wakhe"?

"Mmmmmmm injabulo beyikhona ekuqaleni esasanda kufika uThobile.Okwamanje haai cha beyingasekho nje sidalo. Benginokumthola ekhala ethi umyeni wakhe sehlala ebiphile enolaka.Noma ethi ukhuluma kahle umyeni wakhe avele avuke umbhejazana afune ukumudla amqede.Ubethi usesabela impilo yakhe. " Labhula phansi iphoyisa laseliqubeka ngemibuzo.................pliz like n share my page.


2 Nxayezwe
Tags: Uthando,Lwegazi

Comments

Comment as Anonymous Submit
Anonymous user 11 years
this is great
Anonymous user 11 years
Hy Nxa Mfethu ayabhala shame u hv a great talent continue with th gd work hop sum1 recognise it en help u 2 achieve yo dreams kp it u.
Invite
What iBlog