Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Uthando Lwegazi Ch12

11 years ago | 34256 Views
Kusekuseni uMelusi umi phandle ubambelele ebondeni elahlukanisa kwakhe nomakhelwane.Uyakhuluma eqondise kumakhi wakhe uMaKhumalo."Makhi,uThobile angimboni selokhu ngifike lapha ngo04:00am sekuze kuyimanje angimboni.Ingabe uyazi uyephi.?"

"Cha angazi makhi angayaphi kodwa uThobile." Kuphendula uMaKhumalo ngokumangala."Hayi angazi ke nami ngoba ngimthole engekho.Kazi uzothi ubuyaphi ma efika lapha.Uzongitshela kahle ukuthi ulele phi."Yasho ibopha ubuso inkunzi malanga enhliziyo imhlophe njengongqwaqwane."Uzobuya mhlampe uyebona umngane wakhe uMaDube lapha emaZulwini." washo uMaKhumalo ebheke uMelusi ngqo ezinhlamvini zamehlo."Aze alale khona pho.Umfazi oshadiwe avakashele umngane lapha emaZulwini emome la!wehlulwe yini ukuzolala endlini.UThobile ngihleli ngimbona ukuthi unemikhuba namuhla ngimbhaqile,ngimbambe oqotsheni elele amalunda." Ize ineke izandla eyimhali yona isazi ukuthi izembesa ubumsulwa bejuba kanti ikhifa ubuthi benyoka."Aah!aah wathetha kangaka uyamazi lapho ekhona mhlampe kukhona okuvelile uke wamshayela ucingo.?" kubuza okaMtungwa eseqala ukucikeka."Ngimshayela kuphi njengoba ucingo lusele endlini."isho ikhomba endlini ewuMelusi."Asilinde kancane Makhi mhlampe uzovela kungekudala musa ukucabangela into engekho." Washo efulathela uMaKhumalo eqonda endlini yakhe.

Waphindela endlini uMelusi wathatha umakhalekhukhwini wakhe wafona maqede waphuma wahamba.Kwedlula amahola ngamahola lutho ukuvela uThobile.Aze ajike ntambama uMelusi ehambela phezulu afike nje avule umnyango azithele phakathi okohlanya kuliseke aphume ehaluzela eqonda esangweni.Afike ame lapho imizuzwana nje aphindele endlini futhi.Kuhlaleisikhathi angaveli phandle kuze kuthi emva kwesikhathi aphume esegqoke kahle,esandleni sakhe sokunene ulengise isikhwanyana esimnyama.Wakhiya indlu yakhe wasehamba nanguya ephuma ngesango ehamba okomuntu oshiywe yibhasi enethemba lokuthi uzothola enye.Uhamba nje uMelusi kazisanga muntu ngisho nabazali bakhe ukuthi uThobile akabonakali.UmaKhumalo wayengathi udunyelwe izulu,engazi nokuthi enzeni.Lento yayimhlupha ngoba ingakaze yenzeke ngaphambilini selokhu wazana noThobile.Wabamba ucingo ethi ushayela abazali bakaThobile manje wayengenazo inombolo zabo zocingo.Wabuye wacabanga ukushayela amaphoyisa wazikhuza esephimisela ethi"Hhayi suja mhlmpe ngine haba nje.UThobile uphephile la ekhona nokuthi uzobuya nakanjani kusasa" Washo eziduduza enhliziyweni yakhe.Wasuka lapho waqonda ekhishini wafudumeza ukudla..............pliz like my page.

by Nxayezwe Wayne Ndlovu
2 Nxayezwe
Tags: Nxayezwe,Uthando,Lwegazi

Comments

Comment as Anonymous Submit
Anonymous user 11 years
Iphelela lapha indaba yakho kumbe isazoqhubeka, ume isimnadi impela
Anonymous user 11 years
kayiqhubeke phela maloba
Invite
What iBlog