You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
Uthando Lwegazi - Ch6
11 years ago | 11079 Views
UMncedisi lo yindoda ngempela.Inde ikhonale yondlekile ayikhoncane ngomzimba,inomzimba wamawrestler.Isifuba silapha izingalo ungafunga uthi ziyafuthwa.Amahlombe ungathi ngawomdlali webhola lombhoxo.Imnyama ngebala.Umacaphuna kusale kusale kanti nomsebenzi wakhe umenza ahlonipheke.Ngumkhuzi wamasosha kuzwe lonke laseningizimu Africa.Kunjalo nje unenkampani enkulu lapha eWadeville ekhanda amawardrobe,amakhabathi,nemibheda.Yinkunzi malanga le kodwa ngoba umfazi kanankosi.KuThembeka akanto yalutho yiATM nje umshini ophatha imali.Yingakho phela wamshada eqinisweni lilonke washada imali kaMncedisi hhayi ngoba ethanda uMnce,yena nje wayizithandela uMelusi.Kunjalo nje iminyaka simine beshadile kodwa lutho okugiligimayo kufudumeze iguma.Ngisho sona phela isibusiso sikamdala wezinsuku ingane phela.Omunye ukhomba omunye ngendaba yengane.Akekho ovumayo ukuthi unenkinga yingakho nje kuhleli kunje kulomuzi.
Lendaba masiyifakela izipopolo nezibuko yayingamhluphi nakancane uThembeka.Wayevele ubantakaMncedisi kodwa impande yesono kuphela.Wahlala ke uMncedisi kulo engasazi enzeni ukuze athokozise unkosikazi wakhe.Waze wacabanga ukuthi amkhiphe bayodla ukudla okusizengeni eliphezulu.Mamo wathi eyithi vu kuThembeka leyo kwangathi umthuke ngonina.Wenqaba wathi kayindawo yena.Zacima izibani,kwamnyama ebusweni benkawu,asha amathe kuMncedisi wajika wayimpatha wangasazi enzeni masekunje.
Kesibheke ngelinye iso izinto emhlabeni zezenka ngendlela yazo yodwa.Unga nemali kodwa ungalutholi uthando yize ulungekangakanani.Ungayiswela ingxabano,intombi ethanda ukuphathwaphathwa njalo nje kodwa uluthole uthandolwangempela.Okubuhlungu yikuthi wehluleke ukwenelisa loyo othandana naye.Kwabanye kubakuhle konke uze uzibuze ukuthi ingabe wena wonani emhlabeni wenkosi.Unjalo lomhlaba esiphila kuwo.Abantu abaningi sizembesa ubumsulwa bejuba kanti ingaphakathi lethu ligcwele inkohlakalo,ukuzenzisa kunye namanyala.Siphila nabo,sidla nabo,sihamba nabo siphinde sixoxe nabo.Abanye bazebazenzise ngempela benze sengathibayakuthanda nawe uthatheke kanti wemame siphundu awuboni bewuzobona ma ufulathela ukhonjwa ngeminwe..............................
by Nxayezwe Wayne Ndlovu
3
Tags: UTHANDO,LWEGAZI
Comments
Anonymous user 9 years
khangela umuntu ozokonwabisa bhuti ayikabinguye lowo yakuhlukumeza qha zofa phambikwexesha
Anonymous user 9 years
khangela umuntu ozokonwabisa bhuti ayikabinguye lowo yakuhlukumeza qha zofa phambikwexesha
Anonymous user 9 years
khangela umuntu ozokonwabisa bhuti ayikabinguye lowo yakuhlukumeza qha zofa phambikwexesha
What iBlog
-
Thorny Tap - (Short Story)
Posted: 2013 June 16 | 13769 Views -
Uthando Lwegazi Ch14
Posted: 2013 June 16 | 10409 Views -
Uthando Lwegazi Ch13
Posted: 2013 June 16 | 8440 Views -
Uthando Lwegazi Ch12
Posted: 2013 June 10 | 34319 Views -
Uthando Lwegazi Ch11
Posted: 2013 June 10 | 7367 Views -
Follow Your Heart
Posted: 2013 June 09 | 4830 Views -
Uthando Lwegazi - Ch10
Posted: 2013 June 09 | 9954 Views -
Uthando Lwegazi - Ch9
Posted: 2013 June 09 | 6404 Views -
Uthando Lwegazi - Ch8
Posted: 2013 June 09 | 13540 Views -
Uthando Lwegazi - Ch7
Posted: 2013 June 09 | 8925 Views -
Uthando Lwegazi - Ch6
Posted: 2013 June 09 | 11079 Views -
HEE! NTOMBIYAMI
Posted: 2013 June 09 | 8227 Views -
Uthando Lwegazi - Ch5
Posted: 2013 June 06 | 20611 Views -
Uthando Lwegazi - Ch4
Posted: 2013 June 06 | 11931 Views -
Iphutha Lami
Posted: 2013 June 06 | 6633 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch3
Posted: 2013 June 06 | 17315 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch2
Posted: 2013 June 06 | 9461 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch1
Posted: 2013 June 06 | 7828 Views