You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
Uthando Lwegazi - Ch5
11 years ago | 20614 Views
"Thembeka,Thembeka my love uthando lwehlula umkhulu benogogo,ubaba nomama nabo behluleka.Awaziyini ukuthi athando alunamaneja,alunadokotela.Ayifihleki lento ibonwa ngisho impukani imbala.Pho wena ucabanga ukuthi umyeni wakho akazi ukubona ukuthi kukhona okunukasantungwana lana.Yeyi ungadlali ngokufa wena mani. "washo ephakama uMelusi noma wazama ukumhlalisa uThembaka akasathandanga ukuthatha amachance. Wabamba ezakwakhe waziqabula wathi "Usale kahle mabebeza". Wasala elipali uThembeka kubonakala ngokusobala ukuthi keneme udangele. Ngemva kwemizuzwana wasuka waqonda embhedeni wafika wawulungisa kahle ukuze kungabonakali ukuthi bekulele abantu.Kuthe angaqeda wasethatha ispray wafutha ngaso kwanuka kamnandi endlini. wathandela ithawela elincane eliveza amathanga wathatha amafutha okugcoba wamaphambi kwesibuko.Esaqala ukugcoba wezwa "Kho-kho-kho" kwabe sekunguMncedisi umyeni kaThembeka engena endlini. "Ngisekamelweni ngyagcoba sweetheart" kuphendula uThembeka ngezwana lakhe elingathi uyacula. "Aw singqazu ukube ngithole ugeza ngavele ngakugezisa umqolo"
"Awu nawephela ummh" nguThembeka eshalaza. Wathi ukukoba kancane uMncedisi yeyi wabona sengathi kakaze ambone umkakhe. Wawungafunga uthi uyaqala ukumbona.Waqalaza uThembeka wabona umyeni wakhe embukisa okukamangobe ebuka igundane. "Kodwa Mncedisi wangibuka kanjena nje yini bandla?"
"Awu nunuza kulicala yini ukubuka unkosikazi wami"Wathi lothu kungasahlaleki kusofa uMncedisi evula izandla ukuthi ayekwanga isilanqavu sakhe asibukele eduze."Aha suka lapha Mncedisi uyaqal ukungibona namuhla." washo egonqula amehlo la azindingilizi uThembeka wena owake wabonana unodoli okhangisa izingubo ezitolo ezinkulu ungafakaza kangcono.Lapho wehluleka nokuzibamba uMncedisi. "Kahle ngikugcobise mama." washo ethatha amafutha eqola ukugcobisa owakwakhe uMncedisi. Wamgcobisa kamnandi izandla zisehla zisenyuka nalomzimba obushelelezi ungathi ngowengane.Lokho kwenza uThembeka atwuthambise umzimba wakhe.Wathi ethi manqa uMncedisi wavala umlolo uThembeka wamfuqa wathi"Hhayi manje Mncedisi ngikhathele"
"Come on babes one kuphela" yasho enguMncedisi sekunzima ukuzibamba imizwa isifuna okwayo. "Noooo mani Mncedisi ngithe ngikhathele yini inkinga yakho?"
"Awu sthandwa sami bewusendini imini yonke kanti futhi awusebenzi manje ukhathazwe yini" Wabuza ngokumangala uMncedisi."Akufuni wena ukuthi ngikhathaliswe yini.Ucabanga ukuthi lendlu izihlanzile kahle bo. Wena nje hlukana nami. " Washo eqala ukugqoka uThembeka.Wakubona obala uMnce ukuthi ngeke lisacatshwa lelithambo elindlela eseza ngayo.Waphuma waqonda kusofa wafika wazilahlela kuwo uMncedisi kwangathi yiwo owawudale ukuthi angalishumayeli ivangeli lababili elifuna umfundisi nomfundisikazi kuphela hhayi ibandla lilonke.................
2
Tags: Uthando,Lwegazi
Comments
What iBlog
-
Thorny Tap - (Short Story)
Posted: 2013 June 16 | 13770 Views -
Uthando Lwegazi Ch14
Posted: 2013 June 16 | 10409 Views -
Uthando Lwegazi Ch13
Posted: 2013 June 16 | 8441 Views -
Uthando Lwegazi Ch12
Posted: 2013 June 10 | 34320 Views -
Uthando Lwegazi Ch11
Posted: 2013 June 10 | 7368 Views -
Follow Your Heart
Posted: 2013 June 09 | 4830 Views -
Uthando Lwegazi - Ch10
Posted: 2013 June 09 | 9956 Views -
Uthando Lwegazi - Ch9
Posted: 2013 June 09 | 6404 Views -
Uthando Lwegazi - Ch8
Posted: 2013 June 09 | 13541 Views -
Uthando Lwegazi - Ch7
Posted: 2013 June 09 | 8925 Views -
Uthando Lwegazi - Ch6
Posted: 2013 June 09 | 11082 Views -
HEE! NTOMBIYAMI
Posted: 2013 June 09 | 8227 Views -
Uthando Lwegazi - Ch5
Posted: 2013 June 06 | 20614 Views -
Uthando Lwegazi - Ch4
Posted: 2013 June 06 | 11932 Views -
Iphutha Lami
Posted: 2013 June 06 | 6633 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch3
Posted: 2013 June 06 | 17318 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch2
Posted: 2013 June 06 | 9462 Views -
UTHANDO LWEGAZI - Ch1
Posted: 2013 June 06 | 7828 Views
Categories
Tags iBlog
Mashona Band Entertained Prince Wales Facebook Sadc Nehanda Lobengula Discovered Africa Sex Iphone Apple Heaven Womaniser Nicolas Cage Gangizakuthanda Aliens Abatshutshisi Umsebenzi Eddie Murphy Oscars Tb joshua dave tonge angie tonge Mdc Celebs Celebrite Beyonce Rihanna Internet security brand protection Malema Ubuntu Women Siege