Archives
Sign In

You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...

Boksburg, Gautang
Sign InSign Up

Uthando Lwegazi Ch11

11 years ago | 7356 Views

Yayisihambe ibanga elide imoto le phakathi kwayo kuthulisekile ngaphandle kukaThobile oyelokhu esehlisa iphika okungapheli.Yaphambuka nje kancane yangena ihlathi.Kulapho ke ahliswa khona uThobile angena naye ihlathi.Wayengasazi enzeni,wazama ukukhala kodwa akwamsiza ngalutho waqhutshwa ke kulelo hlathi kwaze kwaba lapho kwene khona kakhulu.Wasehlaliswa phansi kwathiwa asho afuna ukukusho ngaphambi kokuba awushiye lomhlaba ngoba sezosuselwa amanqe.Wavala amehlo uThobile wavula umlomo wasebenza kodwa kungapumi zwi.Kusenjalo wathi omunye walabafana"He joh lomuntu akafune kukhuluma asiqede ngaye sihambe funa sehlelwe amabhadi."

"Yeah usho kahle mfethu asiqede ngalento sihambe."Wawezwa lawo magama uThobile wazama ukukhulumisana nalababantu kodwa kwafana nokushaya indlovu ngempama."Ngiyacela ningangibulali abantabami bosala nabani.Ooh maye mina ngixoleleni booo!"Wayezincengela eguqe ngamadolo uThobile."Thula wena nja." Washo ngolaka omunye walabafana."Mayee,mayeeee sizani bo!" kumemeza uThobile engafuni nokulalela ukuthi bathini lababantu."Bulala lento Mhluzi kusho uMenzelwa.Kathathanga sikhathi uMhluzi wabamba uThobile wamvala umlomo ngesandla wasemnquma njenjenkukhu.Wafakanjalo uThobile efela uthando ayelunikeze isilima sendoda engeneli.engenandaba nokuthi abantana bazobayini ngaphandle kukanina.Kuphela yena ma ethole uThembeka kulungile.Basithatha isidumbu sikaThobile bayasiphonsela emgodini omkhulu owawukulelo hlathi.Bangena emotweni bahamba.Sebesendleleni batshayela uMelusi ucingo bamazisa ukuthi umsebenzi usufezekile...............pliz like my page.

by Nxayezwe Wayne Ndlovu
0 Nxayezwe
Tags: Uthando,Lwegazi

Comments

Comment as Anonymous Submit
Invite
What iBlog